Mathewu 25:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Eziyiziwula zasezisithi kwezihlakaniphileyo: Sipheni emafutheni enu; ngoba izibane zethu zicima. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Eziyiziwula zase zithi kwezihlakaniphileyo: ‘Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.’ IsiZulu 2020 Kepha eziyiziwula zathi kwezihlakaniphileyo: ‘Sipheni amafutha kwawenu, ngokuba izibani zethu ziyacima.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Eziyiziwula zasezisithi kwezihlakaniphileyo: Sipheni emafutheni enu; ngoba izibane zethu zicima. |
Yeka ukuthi kaningi kangakanani ikhandlela lababi licinywa! futhi ukubhujiswa kwabo kuza kaningi kangakanani phezu kwabo! UNkulunkulu uhlakaza usizi ngentukuthelo yakhe.
Akekho kubo ongahlenga umfowabo nhlobo futhi angamniki uNkulunkulu isihlengo ngaye.
Khona umbuso wezulu uyakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.
Kodwa ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: Hatshi; hlezi angasaneli thina lani; kodwa hambani kakhulu kwabathengisayo, lizithengele.
Ningacabangi ukusho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.
Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami; ngoba ngiyahlushwa kulelilangabi.
Ngakho qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; futhi lowo ongenakho uyothathwa kuye ngisho nalokho angathi unakho.
USimoni waphendula wathi: “Ngikhulekeleni nina eNkosini ukuba kungenzeki lutho lwalokhu enikushilo.
Ngakho-ke masesabe, funa sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kube khona noyedwa kini obonakala esilela kuso.
Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.