Ngamfuna embhedeni wami ebusuku othandwa ngumphefumulo wami; Ngamfuna kodwa angimtholanga.
Mathewu 25:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi umyeni esalibele, zozela zonke zalala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala. IsiZulu 2020 Kuthe umyeni esalibele, zonke izintombi zozela, zalala. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi umyeni esalibele, zozela zonke zalala. |
Ngamfuna embhedeni wami ebusuku othandwa ngumphefumulo wami; Ngamfuna kodwa angimtholanga.
Ngiyalala, kepha inhliziyo yami iyaphaphama; yizwi lothandiweyo wami engqongqotha, ethi: “Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami, juba lami, opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo nezihluthulelo zami ngamathonsi. Kwasebusuku.
Ngakhumula ingubo yami; ngizoyigqoka kanjani ngigeze izinyawo zami; ngingabangcolisa kanjani na?
Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiwe, kepha ekugcineni uyakukhuluma, ungaqambi amanga; noma lilibala, lilinde; ngoba lizakuza lokufika, kalisoze liphele.
Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niyomhlangabeza.
Wasesiza kubafundi, wabafica belele, wathi kuPetro: Kanti beningelinde lami ihola elilodwa yini?
Kodwa uba leyonceku ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukuza; aqale ukushaya izinceku nezincekukazi, nokudla, nokuphuza, nokudakwa;
Ngithi kini: Uzabalungisela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?
Waseqala ukukhuluma ebantwini lumfanekiso; Umuntu othile watshala isivini, wasiqashisa kubalimi, waya ezweni elikude isikhathi eside.
Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;