Ngaphandle kwami bayokhothama phakathi kwezithunjwa, futhi bayowela phakathi kwababuleweyo. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.
Mathewu 24:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Konke lokhu kungukuqala kwemihelo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo. IsiZulu 2020 Kepha konke lokho kungukuqala nje kwemihelo. Baasraak Zulu New Testament Bible Konke lokhu kungukuqala kwemihelo. |
Ngaphandle kwami bayokhothama phakathi kwezithunjwa, futhi bayowela phakathi kwababuleweyo. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.
ama-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva; futhi bayodla u-Israyeli ngemilomo evulekile. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.
Ngakho iNkosi ayiyikuthokoza ngezinsizwa zabo, ingabahawukeli bona nabafelokazi, ngokuba bonke bangabazenzisi nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.
UManase, uEfrayimi; futhi u-Efrayimi, uManase, futhi bona ndawonye bayomelana noJuda. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.
Izinhlungu zokubeletha ziyakumfica; uyindodana eyisiwula; ngoba akufanele ahlale isikhathi eside endaweni yokugqashuka kwabantwana.
Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala nezinhlupheko; lokhu kungukuqala kwemihelo.
Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, niyiswe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
UJehova uyakwenza izinhlupho zakho zibe yisimangaliso, nezinhlupho zenzalo yakho zibe yizinhlupho ezinkulu, nezifo ezithatha isikhathi eside nezinzima, zibe zinde.
Ngokuba nxa bethi: Ukuthula nokulondeka; khona-ke ukubhujiswa okuzumayo kubehlele, njengomhelo phezu kowesifazane okhulelweyo; njalo kabayikuphunyuka.