Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, futhi angibayalanga, angikhulumanga kubo; ezinhliziyweni zabo.
Mathewu 24:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKristu,’ badukise abaningi. IsiZulu 2020 Ngokuba kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKhristu,’ badukise abaningi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. |
Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, futhi angibayalanga, angikhulumanga kubo; ezinhliziyweni zabo.
Angibathumanga abaprofethi, kodwa bagijima; angikhulumanga kubo, nokho baprofetha.
Ngizwile abakutshoyo abaprofethi abaprofetha amanga ebizweni lami besithi: Ngiphuphile, ngiphuphile.
Usho kanje uJehova, uthi: Ningazikhohlisi, nithi: AmaKaledi ayakusishiya nokusishiya, ngokuba awayikumuka.
Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.
Mina ngize egameni likaBaba, kepha aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyamamukela yena.
Ngakho ngathi kini: Niya kufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, niyakufela ezonweni zenu.
Khona uJesu wathi kubo: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami; kodwa njengoba uBaba engifundisile, ngikhuluma lezizinto.
Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.
Ngubani ongumqambimanga ngaphandle kwalowo ophika ukuthi uJesu unguKristu na? Ungumphikukristu, ophika uYise neNdodana.
Futhi wonke umoya ongamvumi ukuthi uJesu Kristu uzile enyameni, akasiye okaNkulunkulu; namanje isikhona emhlabeni.
Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.