Umusa wenkosi ungowenceku ehlakaniphileyo, kepha ulaka lwayo luphezu kowenza amahloni.
Mathewu 24:47 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwakho konke enakho. IsiZulu 2020 Ngiqinisile ngithi kini, iyakuyibeka yengamele konke enakho. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho. |
Umusa wenkosi ungowenceku ehlakaniphileyo, kepha ulaka lwayo luphezu kowenza amahloni.
Labahlakaniphileyo bayakukhanya njengokubenyezela komkhathi; nalabo abaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.
Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo; ubuthembekile ezintweni eziyingcosana, ngizakubeka phezu kwezinengi; ngena entokozweni yenkosi yakho.
Yathi kuyo: “Kuhle, nceku enhle; ngokuba ubuthembekile kokuncane, yiba namandla phezu kwemizi eyishumi.
Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.
Kuyakuthi lapho ebonakala uMalusi omkhulu, niyakwamukeliswa umqhele wenkazimulo ongabuniyo.
Onqobayo uyakudla ifa lakho konke; ngiyakuba nguNkulunkulu wayo, yona ibe yindodana yami.
Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.