Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 24:39 - Contemporary Zulu Bible 2024

futhi kabanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Abazanga; kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

futhi kabanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 24:39
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zonke izidalwa eziphilayo ezazisemhlabeni zabhujiswa, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; futhi zabhujiswa emhlabeni, kwasala uNowa kuphela nalabo ababenaye emkhunjini.


Bangishaya, kodwa angizange ngigule; bangishaya, angizwanga; ngizovuka nini ngizophinde ngiyibheke.


Uma nithi: Bheka, besingakwazi lokhu; Uyakucabangela lokho inhliziyo ekuzindlayo? ogcina umphefumulo wakho akakwazi na? futhi ngeke yini abuyisele kulowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe?


Olungileyo uyayiqaphela indaba yompofu, kepha omubi akayilaleli.


Ngakho wathululela phezu kwakhe ukuvutha kolaka lwakhe namandla empi, kwamthungela inhlangothi zonke, kodwa yena engakwazi; wamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele, kuyakuba nini lokho na? futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho nesokuphela kwezwe na?


Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.


Kepha njengokuba zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.


Khona ababili bayakuba sensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe.


Ziyakuwisa phansi wena nabantwana bakho phakathi kwakho; kabayikutshiya ilitshe phezu kwelinye; ngoba ubungasazi isikhathi sokuhanjelwa kwakho.


Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ingasolwa.


Bhekani, nina zideleli, nimangale, nibhubhe, ngokuba mina ngenza umsebenzi ezinsukwini zenu, umsebenzi eningayikukholwa, noma umuntu enitshela wona.


Nanjengalokho bengathandanga ukuba nokwazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni eyonakeleyo, ukuba benze okungafanele;


Ngokuba lokhu abakwazi ngokuthanda kwabo, ukuthi amazulu ayekhona kwasendulo ngezwi likaNkulunkulu, nomhlaba umi emanzini nasemanzini.


Kwasekufika eGibeya amadoda akhethiweyo azinkulungwane ezilitshumi kuIsrayeli wonke, impi yayinzima, kodwa babengazi ukuthi ububi buphezu kwabo.