Kodwa kuyoba usuku olulodwa oluyokwaziwa nguJehova, kungabi yimini noma ebusuku; kodwa kuzakhanya kusihlwa.
Mathewu 24:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi zezulu, naBaba kuphela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo nazingelosi zasezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. IsiZulu 2020 “Kepha mayelana nalolo lusuku nalelo hora, akekho owazi utho ngalo, ngisho izingelosi zasezulweni, neNdodana uqobo; nguBaba kuphela. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi zezulu, naBaba kuphela. |
Kodwa kuyoba usuku olulodwa oluyokwaziwa nguJehova, kungabi yimini noma ebusuku; kodwa kuzakhanya kusihlwa.
Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.
Kepha lolo suku nalelo hora akakho owaziyo ngalo, nazingelosi ezisezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.
Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe.
Ngokuba nina ngokwenu nazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.
Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha.
Bheka, ngiza njengesela; Ubusisiwe olindayo, ogcina izingubo zakhe, funa ahambe nqunu, babone ihlazo lakhe.
Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho.