Uyawuqondisa phansi kwezulu lonke nombani wakhe kuze kube semikhawulweni yomhlaba.
Mathewu 24:27 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. IsiZulu 2020 Njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale ngisho entshonalanga, kuyakuba njalo-ke ukufika kweNdodana yomuntu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. |
Uyawuqondisa phansi kwezulu lonke nombani wakhe kuze kube semikhawulweni yomhlaba.
UJehova uyokwenza izwi lakhe elikhazimulayo lizwakale futhi amemezele ukukhululeka kwengalo yakhe ngokuvutha kwentukuthelo yakhe nangamalangabi omlilo oqothulayo, ngokuhlakazeka nesiphepho nesichotho.
UJehova uyobonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uyophuma njengombani; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe nezivunguvungu zaseningizimu.
Kodwa ngubani ongabekezelela usuku lokufika kwakhe? futhi ngubani oyoba khona lapho evela? ngokuba unjengomlilo womncibilikisi, nanjengensipho yabahlanzi.
Bhekani, ngiyakuthuma kini u-Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”
Ngakho-ke uma bethi kini: Bhekani, usehlane; ningaphumi; bheka, usendlini ecashile; ningakholwa.
Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi beza kuye bebodwa, bathi: “Sitshele, kuyakuba nini lokho na? futhi siyakuba yini isibonakaliso sokufika kwakho nesokuphela kwezwe na?
Kepha njengokuba zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.
futhi kabanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.
Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.
Bekezelani nani; niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.
bethi: Siphi isithembiso sokufika kwakhe? ngoba selokhu okhokho balala, zonke izinto zimi njengoba zazinjalo kusukela ekuqaleni kokudalwa.