Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.
Mathewu 24:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona-ke abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. IsiZulu 2020 Abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, futhi bazondane. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, bazondane. |
Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.
Kodwa kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana; kuthi sekuvele usizi nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.
Basebekhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa, kuphela ezweni lakubo nasendlini yakubo.
Kepha umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise indodana; labantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.
njalo kabanampande phakathi kwabo, bahlala okwesikhathi; kuthi sekuvele ukuhlupheka kumbe ukuzingelwa ngenxa yelizwi, bahle bakhubeke.
Niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubabulala.
Uyakwazi lokhu, ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele; okukubo ngoFigelu noHermogene.
Ngokuba uDema ungishiyile, ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreske eGalathiya, uThithu eDalmatiya.
Ekuziphenduleleni kwami kokuqala akukho muntu owama nami, kepha bonke bangishiya;