Mathewu 23:39 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona kusukela manje, nize nithi: Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ” IsiZulu 2020 Ngokuba ngithi kini: anisayukubuye ningibone, nize nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ngithi kini: Anisayikungibona kusukela manje, nize nithi: Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. |
Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.
Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.
Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu.
Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuyakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona.
Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.
UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina umbonile uBaba; usho kanjani-ke ukuthi: Sibonise uYihlo na?
Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiyahamba, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu;
Ngakho ngathi kini: Niya kufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, niyakufela ezonweni zenu.
Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.