UKayini wakhuluma no-Abela umfowabo; kwathi besendle, uKayini wavukela umfowabo u-Abela, wambulala.
Mathewu 23:35 - Contemporary Zulu Bible 2024 ukuze kwehlele phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kufike egazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare. IsiZulu 2020 Liyakubizwa kini lonke igazi labalungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo, kuze kube kwelikaZakhariya indodana kaBharakiya, enambulala phakathi kwethempeli ne-althare. Baasraak Zulu New Testament Bible ukuze kwehlele phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo kuze kufike egazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare. |
UKayini wakhuluma no-Abela umfowabo; kwathi besendle, uKayini wavukela umfowabo u-Abela, wambulala.
Ngaphezu kwalokho, uManase wachitha igazi eliningi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela komunye umkhawulo kuya komunye; ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.
Wachitha nangegazi elingenacala, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala; uJehova angayithethelelanga.
Lungiselelani abantwana bakhe ukuhlaba ngenxa yobubi bawoyise; funa bavuke badle izwe, bagcwalise ubuso bomhlaba ngemizi.
Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuze ahambele abakhileyo emhlabeni ngenxa yobubi babo;
Ngibashaye ngeze abantwana benu; abatholanga ukusolwa; inkemba yenu idlile abaprofethi benu njengengonyama ephangayo.
Kodwa niyazi ngokuqinisekile ukuthi uma ningibulala, ngokuqinisekile niyoletha igazi elingenacala phezu kwenu naphezu kwalo muzi naphezu kwabakhileyo kuwo; ngoba isibili iNkosi ingithumile kini ukukhuluma wonke lamazwi ezindlebeni zakho.
Bamkhipha u-Uriya eGibithe, bamyisa enkosini uJehoyakimi; owambulala ngenkemba, wasiphonsa isidumbu sakhe emathuneni abantukazana.
Kwathi uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuthi akukhulume ebantwini bonke, abapristi labaprofethi labantu bonke bamthatha bathi: Uzakufa lokufa.
Ngenyanga yesishiyagalombili, ngomnyaka wesibili kaDariyu, izwi likaJehova lafika kuZakariya, indodana kaBerekiya, indodana ka-Ido umprofethi, lathi:
Ngakho-ke aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyangcolisa izwe; nezwe alinakuhlanjululwa egazini elichithwa kulo, kuphela ngegazi lalowo olichithile.
Kusukela egazini lika-Abela kuze kufike egazini likaZakariya owafela phakathi kwe-altare nethempeli. Ngiqinisile ngithi kini: Liyakubizwa kulesi sizukulwane.
Ethi: “Asiniyalanga yini ukuthi ningafundisi ngaleli gama na? bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalumuntu phezu kwethu.
Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe;
nakuJesu umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafazwa, elikhuluma okuhle kunelika-Abela.
Kuyo kwafunyanwa igazi labaprofethi, nelabangcwele, nelabo bonke ababulawa emhlabeni.