Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nifana namathuna acakiwe, abonakala emahle ngaphandle, kepha ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke.
Mathewu 23:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nakha amathuna abaprofethi, nihlobise amathuna abalungileyo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo! IsiZulu 2020 “Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaphrofethi, nihlobise amathuna abalungileyo! Baasraak Zulu New Testament Bible Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nakha amathuna abaprofethi, nihlobise amathuna abalungileyo; |
Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngokuba nifana namathuna acakiwe, abonakala emahle ngaphandle, kepha ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke.
Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kepha ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.
nithi: Uma sasikhona emihleni yawobaba, sasingayikuhlanganyela nabo egazini labaprofethi.
Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa wangcwatshwa, nethuna lakhe lisekhona kithi kuze kube namuhla.