Omubi makashiye indlela yakhe, nongalungile imicabango yakhe; aphenduke eNKOSIni, njalo izaba lesihawu kuye; nakuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakuthethelela kaningi.
Mathewu 23:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 MFarisi oyimpumputhe, hlambulula kuqala okuphakathi kwenkezo noqwembe, ukuze kuhlanzeke nengaphandle lakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mfarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo. IsiZulu 2020 MFarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo. Baasraak Zulu New Testament Bible MFarisi oyimpumputhe, hlambulula kuqala okuphakathi kwenkezo noqwembe, ukuze kuhlanzeke nengaphandle lakho. |
Omubi makashiye indlela yakhe, nongalungile imicabango yakhe; aphenduke eNKOSIni, njalo izaba lesihawu kuye; nakuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakuthethelela kaningi.
Ngikubonile ukuphinga kwakho ngakuhlupha, isenzo esiyihlazo sobufebe bakho nezinengiso zakho emagqumeni asendle. Maye kuwe Jerusalema! aniyikuhlanjululwa na? kuyoke kube nini?
Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?
Lahlani kini zonke iziphambeko zenu eleqa ngazo; futhi anenze inhliziyo entsha nomoya omusha; ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?
“Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi, ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.
Yayisiyaliwe ngunina yathi: Nginike lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.
Nxa bevela emakethe, abadli bengakagezi; Kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokugezwa kwezindebe, namabhodwe, nezitsha zethusi, namatafula.
INkosi yathi kuye: “Manje nina baFarisi nihlambulula ingaphandle lenkezo nojeke; kepha ingaphakathi lakho ligcwele ukuphanga nobubi.
Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo yakhe uveza okuhle; nomuntu omubi emfuyweni embi yenhliziyo yakhe ukhipha okubi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Ngakho-ke, lokhu sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.
Masisondele ngenhliziyo eqinisileyo, sinesiqinisekiso esigcwele sokukholwa, izinhliziyo zethu zifafaziwe kunembeza omubi, nemizimba yethu igeziwe ngamanzi acwebileyo.
Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili.