Ngokuba abaholi balaba bantu babayeke baduke; futhi labo abaholwa yibo bayabhujiswa.
Mathewu 23:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Maye kini, baholi abayizimpumputhe, enithi: Noma ubani ofunga ithempeli akulutho; kodwa ofunga igolide lethempeli, ulomlandu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi: ‘Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!’ IsiZulu 2020 “Maye, kini baholi abayizimpumputhe, enithi: ‘Umuntu ofunga ithempeli akusho lutho lokho, kodwa lowo ofunga igolide lasethempelini uzibophile!’ Baasraak Zulu New Testament Bible Maye kini, baholi abayizimpumputhe, enithi: Noma ubani ofunga ithempeli akulutho; kodwa ofunga igolide lethempeli, ulomlandu. |
Ngokuba abaholi balaba bantu babayeke baduke; futhi labo abaholwa yibo bayabhujiswa.
Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.
Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.
Ziwula nezimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu, igolide nethempeli elingcwelisa igolide na?
Ziwula nezimpumputhe, ngokuba yikuphi okukhulu, umnikelo noma i-altare elingcwelisa umnikelo na?
MFarisi oyimpumputhe, hlambulula kuqala okuphakathi kwenkezo noqwembe, ukuze kuhlanzeke nengaphandle lakho.
Ngokuba ngiyaphinda ngiyafakaza kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokwenza umthetho wonke.
Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi, noma izulu, noma umhlaba, noma esinye isifungo; noCha wenu, cha; funa niwele ekwahlulelweni.