Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.
Mathewu 22:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sebezwile lawo mazwi bamangala, bamshiya, bahamba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka. IsiZulu 2020 Sebekuzwile lokho bamangala, base bemshiya, bahamba. Baasraak Zulu New Testament Bible Sebezwile lawo mazwi bamangala, bamshiya, bahamba. |
Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.
UJesu ekuzwa wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngithole ukholo olungaka nakwa-Israyeli.
Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku, ngokuba bazi ukuthi uwukhulume ngabo lo mfanekiso; bamshiya, bamuka.
Ngokuba ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha, abangayikuphika noma ukumelana nabo bonke abamelene nani.
Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.