Kuyakuba khona umgwaqo omkhulu nendlela, futhi iyobizwa ngokuthi, indlela yobungcwele; ongcolileyo angadluli phezu kwayo; kepha kuyakuba ngabo: abahambayo, nakuba beyiziwula, abayikuduka ngakho.
Mathewu 21:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; kodwa nina, khona nikubona, aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye.” IsiZulu 2020 Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kodwa abathelisi nezifebe bakholwa nguye. Kepha nina, nakuba nikubona akwenzileyo, aniguqukanga nakamuva ukuba nikholwe nguye.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; |
Kuyakuba khona umgwaqo omkhulu nendlela, futhi iyobizwa ngokuthi, indlela yobungcwele; ongcolileyo angadluli phezu kwayo; kepha kuyakuba ngabo: abahambayo, nakuba beyiziwula, abayikuduka ngakho.
Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibuke, nibuze ngezindlela zakudala, iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu. Kodwa bathi: Asiyikuhamba ngayo.
Ubhapathizo lukaJohane lwavelaphi na? ezulwini noma kubantu na? Basebekhulumisana bodwa, besithi: Uba sisithi: Ezulwini; uzakuthi kithi: Pho, anikholwanga nguye ngani na?
Ngumuphi kulaba ababili owenza intando kayise na? Bathi kuye: Eyokuqala. UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.
Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?
Ubayala ngobumnene labo abamelana labo; uma mhlawumbe uNkulunkulu ebanika ukuphenduka ekulazini iqiniso;
Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.
Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba bebengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazi bafulathele umyalo ongcwele abawunikwayo.