Wathi kuye: “Angiyikuhamba; kepha ngiyakumuka, ngiye ezweni lakithi nasemndenini wami.
Mathewu 21:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha nithini na? Umuntu othile wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini sami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba, uyosebenza namuhla esivinini.’ IsiZulu 2020 “Nina-ke nithini na? Umuntu wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha nithini na? Umuntu othile wayenamadodana amabili; waya kweyokuqala, wathi: ‘Mntanami, hamba uyosebenza namuhla esivinini sami. |
Wathi kuye: “Angiyikuhamba; kepha ngiyakumuka, ngiye ezweni lakithi nasemndenini wami.
Wathi: Yebo. Esengenile endlini, uJesu wamandulela, wathi: “Ucabangani, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubani intela nenkokhiso? kubantwana babo, kumbe kwabafokazi?
Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu, owaphuma ekuseni ukuyoqasha izisebenzi esivinini sakhe.
Base bemphendula uJesu, bathi: “Asazi. Wathi kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
Zwanini omunye umfanekiso: Kwakukhona umninindlu owahlanyela isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo sewayini kuso, wakha umbhoshongo, wasiqashisa kubalimi, waya elizweni elikhatshana.
Ngokuba iNdodana yomuntu injengomuntu owahambela kude, owashiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, kwaba yileyo naleyo umsebenzi wayo, yayala umlindisango ukuthi alinde.
Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babeyizoni kunabo bonke abantu abakhileyo eJerusalema na?
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.