Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini.
Mathewu 21:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nakho konke eniyakukucela ngokukhuleka nikholwa, niyakwamukeliswa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.” IsiZulu 2020 Konke eniyakukucela emkhulekweni, nikholwa, niyakukwamukeliswa.” Baasraak Zulu New Testament Bible Nakho konke eniyakukucela ngokukhuleka nikholwa, niyakwamukeliswa. |
Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini.
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye na?
Ngakho-ke ngithi kini: Konke enikucelayo nikhuleka, kholwani ukuthi nikutholile, niyakuba nakho.
Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.
Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.
Kuze kube manje anikaceli lutho egameni lami; celani, nizakwamukeliswa, ukuze ukuthokoza kwenu kugcwale.
Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.
Futhi loba yini esiyicelayo siyakwemukela kuye, ngoba sigcina imilayo yakhe, njalo senza okuthandekayo phambi kwakhe.