Ngubani lo ophuma ehlane njengezinsika zomusi, egcotshwe ngemure nangempepho, kanye nazo zonke izimila zomthengisi?
Mathewu 21:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Esengenile eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, uthi: “Ngubani lo na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, wathi: “Ngubani lo?” IsiZulu 2020 Kwathi esangena eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, uthi: “Ngubani lo na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Esengenile eJerusalema, umuzi wonke wanyakaza, uthi: “Ngubani lo na? |
Ngubani lo ophuma ehlane njengezinsika zomusi, egcotshwe ngemure nangempepho, kanye nazo zonke izimila zomthengisi?
Ngubani lo ovela kwa-Edomi, nezingubo ezidayiwe zaseBozira na? lowo okhazimulayo engutsheni yakhe uhamba ebukhulu bamandla akhe? Mina engikhuluma ngokulunga nginamandla okusindisa.
Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu.
Bakhuluma kuye, bathi: “Sitshele, lezi zinto uzenza ngagunya lini na? kumbe ngubani okunike leligunya?
Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla, bathi: “Ngubani lo okhuluma inhlamba na? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa?
Labo ababehlezi naye ekudleni baqala ukukhuluma bodwa, bathi: “Ngubani lo othethelela nezono na?
Base bephendula abaJuda, bathi kuye: “Usibonisa isibonakaliso sini, lokhu wenza lokhu na?
Base behamba bobabili baze bafika eBetlehema. Futhi lapho befika eBhetlehema, umuzi wonke waxokozela, wathi: Ingabe lo uNawomi?
USamuweli wenza njengokusho kukaJehova, wafika eBetlehema. Amalunga omuzi ethuthumela ekufikeni kwakhe, athi: “Uza ngokuthula na?