Wasesithi kubo; Yanini nani esivinini, futhi ngizoninika noma yini efanele. Bahamba-ke.
Mathewu 20:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabuya waphuma futhi ngehora lesithupha nelesishiyagalolunye, wenza njalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baya-ke. “Waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenze njalo. IsiZulu 2020 Bahamba-ke. “Wabuye waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenza kanjalo. Baasraak Zulu New Testament Bible Wabuya waphuma futhi ngehora lesithupha nelesishiyagalolunye, wenza njalo. |
Wasesithi kubo; Yanini nani esivinini, futhi ngizoninika noma yini efanele. Bahamba-ke.
Kwathi sekungaba lihola letshumi lanye waphuma, wafica abanye bemi bengenzi lutho, wathi kubo: Limeleni lapha usuku lonke lingenzi lutho?
Kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.
Wathi kubo: Wozani nibone. Beza babona lapho ehlala khona, bahlala naye lolo suku, ngokuba kwakungaba yihora leshumi.
UJesu waphendula wathi: Kawakho yini amahola alitshumi lambili emini? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe.
Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.
Wabona embonweni ngokusobala, kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini ingelosi kaNkulunkulu iza kuye, ithi kuye: “Korneliyu!”
Ngangomuso besahamba, besondela emzini, uPetru wakhuphukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha;
Kepha oPetru noJohane benyukela kanyekanye ethempelini ngehora lokukhuleka eliyihora lesishiyagalolunye.