Usho kanje uJehova, uthi: Ngisayakubuza ngayo indlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele yona; ngizakwandisa abantu njengomhlambi;
Mathewu 20:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wema, wawabiza, wathi: Nithanda ukuba nginenzeleni na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?” IsiZulu 2020 UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?” Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wema, wawabiza, wathi: Nithanda ukuba nginenzeleni na? |
Usho kanje uJehova, uthi: Ngisayakubuza ngayo indlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele yona; ngizakwandisa abantu njengomhlambi;
Wathi kuye: “Ufunani na? Wathi kuye: Vumela lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, nenye ngakwesokhohlo, embusweni wakho.
Isixuku sabakhuza ukuba bathule; kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Sihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide!
Ngakho-ke ngizile kini ngingaphikanga lapho ngibiziwe; ngiyabuza-ke ukuthi ningibizeleni na?
Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.