Mathewu 18:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini. IsiZulu 2020 “Ngiqinisile futhi ngithi kini: uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakwenzelwa nguBaba osezulwini. Baasraak Zulu New Testament Bible Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini. |
Shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe; qala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.
Ngakho-ke ngithi kini: Konke enikucelayo nikhuleka, kholwani ukuthi nikutholile, niyakuba nakho.
Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.
Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.
Ngalolosuku kaliyikungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.
Labo bonke baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni nasekunxuseni, kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.
Ngakho uPetru wagcinwa etilongweni, kepha ibandla lamkhulekela kuNkulunkulu ngokungaphezi.
Esewubonile umbono, sahle sazama ukuya eMakedoniya, sesibonile impela ukuthi iNkosi isibizile ukuba sishumayele ivangeli kubo.
Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungiphendulela kube yinsindiso ngokukhuleka kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,
Futhi loba yini esiyicelayo siyakwemukela kuye, ngoba sigcina imilayo yakhe, njalo senza okuthandekayo phambi kwakhe.