U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami.
Mathewu 17:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye. IsiZulu 2020 Bheka, base bebona uMose no-Eliya bekhuluma naye. Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye. |
U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami.
Bhekani, ngiyakuthuma kini u-Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.
Waseguqulwa isimo phambi kwabo, ubuso bakhe bakhazimula njengelanga, nezingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
Wayesephendula uPetru, wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.
Iyakuhamba phambi kwayo emoyeni nangamandla ka-Eliya ukuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana, nabangalaleliyo ekuhlakanipheni kwabalungileyo; ukulungisa isizwe esilungiselwe iNkosi.
Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi umbuso kaNkulunkulu uyashunyayelwa, wonke umuntu ufukamela kuwo.
Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina.
Kwathi ekwahlukaneni kwawo kuye, uPetru wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya, engakwazi akushoyo.
Ngiyakubavusela umprofethi phakathi kwabafowabo onjengawe, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe; futhi uyokhuluma kubo konke engimyala ngakho.
Kusukela ngaleso sikhathi akuvelanga mprofethi kwa-Israyeli njengoMose owamazi uJehova ubuso nobuso;