Kwathi uJohane esetilongweni ezwe imisebenzi kaKristu, wathuma ababili kubafundi bakhe.
Mathewu 17:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha ngithi kini: U-Eliya usefikile, kepha abamazanga, kepha benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.” IsiZulu 2020 kodwa ngithi kini: u-Eliya sewafika; nokho abamazanga, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu izakuhlushwa yibo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha ngithi kini: U-Eliya usefikile, kepha abamazanga, kepha benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo. |
Kwathi uJohane esetilongweni ezwe imisebenzi kaKristu, wathuma ababili kubafundi bakhe.
Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.
UJesu waphendula, wathi kubo: “Nempela u-Eliya uzakufika kuqala, abuyisele zonke izinto.
Kwathi besahlezi eGalili, uJesu wathi kubo: INdodana yomuntu izanikelwa ezandleni zabantu.
Sebehla entabeni, uJesu wabayala, wathi: “Ningatsheli muntu umbono, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu.
Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye;
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.
Ngokuba uJohane uMbhapathizi wafika engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nithi: ‘Unedemoni.’
yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala;
Makwazeke kini nonke nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli, ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusa kwabafileyo, ngaye lo umi lapha phambi kwenu esindile.
Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje;