USathane wamphendula uJehova, wathi: Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.
Mathewu 16:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? IsiZulu 2020 Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na? Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na? |
USathane wamphendula uJehova, wathi: Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.
Ngoba liyini ithemba lomzenzisi, lanxa ezuza, uba uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe?
Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Kodwa uNkulunkulu wathi kuye: Siphukuphuku, ngalobubusuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe;
Kepha u-Abrahama wathi: “Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho usesekuphileni, noLazaru ngokunjalo nokubi;
Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kodwa ezilahlekele noma alahlwe?