Ngokuba uma nithula impela ngalesi sikhathi, kuyakuvela ukwandiswa nokusindiswa kwabaJuda kwenye indawo; kepha wena nendlu kayihlo niyakuchithwa; Ngubani owaziyo ukuthi ungene embusweni isikhathi esinjengalesi na?
Mathewu 16:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. IsiZulu 2020 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. |
Ngokuba uma nithula impela ngalesi sikhathi, kuyakuvela ukwandiswa nokusindiswa kwabaJuda kwenye indawo; kepha wena nendlu kayihlo niyakuchithwa; Ngubani owaziyo ukuthi ungene embusweni isikhathi esinjengalesi na?
Hamba uqoqe wonke amaJuda akhona eShushani, ningizilele, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu, ubusuku nemini. Mina nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo; kanjalo ngiyongena enkosini, okuphambene nomthetho; futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha.
isikhathi sokuzuza nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokugcina nesikhathi sokulahla;
Othola ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, nolahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.
Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?
Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kodwa loba ngubani olahlekelwa yimpilo yakhe ngenxa yami langevangeli, yena uzakusindisa.
Yilowo nalowo ofuna ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; njalo loba ngubani olahlekelwa yimpilo yakhe uzayilondoloza.
Othanda ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; futhi ozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyokulondela ukuphila okuphakade.
Bona bamehlula ngegazi leWundlu langezwi lobufakazi babo; futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.