Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.
Mathewu 15:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, abafundi baphakela izixuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku. IsiZulu 2020 wathatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, bona baphakela izixuku. Baasraak Zulu New Testament Bible Wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, abafundi baphakela izixuku. |
Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.
Wasethatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, esithi: Lokhu kungumzimba wami onikelwa lina; lokhu kwenzeni ukungikhumbula.
Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika.
UJesu wathatha izinkwa; esebongile wababela ababehlezi phansi; kanjalo nezinhlanzi ngokuthanda kwabo.
(Kepha kwafika eminye imikhumbi evela eTiberiya eduze nendawo lapho ababedle khona isinkwa, ngemva kokuba iNkosi ibongile.)
Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla.
Ohlonipha usuku ulugcina eNkosini; futhi lowo ongalunanzi usuku, eNkosini. Odlayo udla eNkosini, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo akadli ngenxa yeNkosi, futhi ubonga uNkulunkulu.
Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo ohlezi endaweni yongafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho, lokhu engakwazi okushoyo na?
Ngokushesha nje lapho ningena emzini, niyomthola masinyane ngaphambi kokuba akhuphukele endaweni ephakeme ukuze adle; ngoba abantu abayikudla aze afike, ngoba ubusisa umhlatshelo; ngasemuva badla abamenyiweyo. Sukuma manje; ngoba ngalesisikhathi lizamthola.