Mathewu 15:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha waphendula wathi: “Zonke izithombo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyakusishulwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa. IsiZulu 2020 Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini, siyakusishulwa. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha waphendula wathi: “Zonke izithombo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyakusishulwa. |
Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, balidle ifa lomhlaba kuze kube phakade, ihlumela lesitshalo sami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.
ukumisa abalilayo eZiyoni, ukubanika umhlobiso esikhundleni somlotha, amafutha entokozo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odabukileyo; ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga, okutshalwe nguJehova, ukuze adunyiswe.
Base besondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bakhubeka sebezwile leli zwi na?
Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashiswe.
Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.
Laba bangamabala emikhosini yenu yothando, lapho bedla nani, bezidlisa ngaphandle kokwesaba; bangamafu angenamanzi, apheshulwa ngumoya; izihlahla ezibunayo, ezingatheli, ezifile kabili, ezisitshulwe;