Mathewu 13:55 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lo akasiyo yini indodana yombazi na? Unina akabizwa ngokuthi uMariya na? nabafowabo oJakobe, noJose, noSimoni, noJuda? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lo akasiyo indodana yombazi na? Unina kathiwa uMariya, nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na? IsiZulu 2020 Lo akasiyo yini indodana yombazi? Unina akusiye yini uMariya, nabafowabo akusibo yini oJakobe, uJosefa, uSimoni noJuda na? Baasraak Zulu New Testament Bible Lo akasiyo yini indodana yombazi na? Unina akabizwa ngokuthi uMariya na? nabafowabo oJakobe, noJose, noSimoni, noJuda? |
Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli, noNgcwele wakhe, kuye odelela umuntu, kuye isizwe esimenyanyayo, encekwini yezikhulu: Amakhosi ayakubona lokhu, asukume, nezikhulu zikhuleke ngenxa yalokho. KaJehova othembekileyo noNgcwele ka-Israyeli, uyakunikhetha.
phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe noJose, nonina wamadodana kaZebedewu.
Kwakukhona nabesifazane bebukele bekude, phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncinyane nokaJose, noSalome;
Lo akasiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni? Nodadewabo abakho yini lapha kithi na? Base bekhubeka kuye.
Entombini eyayimiselwe indoda egama layo linguJosefa wendlu kaDavide; lebizo lentombi nguMariya.
KwakunguMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe, nabanye besifazane ababe nabo, babatshela lokho abaphostoli.
UJesu yena waqala eneminyaka engaba ngamashumi amathathu (njengoba kwakucatshangwa) indodana kaJosefa, indodana kaHeli,
Bonke bafakaza ngaye, bamangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe. Basebesithi: Lo kayisiyo indodana kaJosefa yini?
Kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina, nodadewabo kanina, noMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.
Basebesithi: Lo kayisuye uJesu yini indodana kaJosefa, uyise lonina esibaziyo? Asho kanjani-ke ukuthi: Ngehle ezulwini na?
UJuda, inceku kaJesu Kristu, nomfowabo kaJakobe, kubo abangcwelisiwe nguNkulunkulu uBaba, nabalondolozwe kuJesu Kristu, nababiziweyo: