Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 13:46 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

kuthi angalithola ipharele elilodwa lenani elikhulu, ahambe athengise ngakho konke anakho, alithenge.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 13:46
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma ubufuna njengesiliva, ubufuna njengengcebo efihliweyo;


Ukuhlakanipha nokwazi kuyakuba-ngukuqina kwezikhathi zakho namandla ensindiso; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.


Futhi umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini; okuthi lapho umuntu eseyitholile, wayifihla, futhi ngenxa yokujabula kwayo wahamba wathengisa ngakho konke anakho, wayithenga leyo nsimu.


“Futhi umbuso wezulu ufana nomthengisi ofuna amaparele amahle;


Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo;


Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.


Kepha mangingazibonga mina, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi, nami ezweni.


Mina engingomncinyane kunomncinyane kubo bonke abangcwele, ngiphiwe lomusa, ukuthi ngitshumayele phakathi kwabezizwe ingcebo kaKristu engaphenyisisekiyo;


okufihlwe kuye yonke ingcebo yokuhlakanipha nolwazi.


Ukuthengiswa kwegolide, nesiliva, namatshe anenani, namaparele, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, nazo zonke izigodo zakho, nezitsha zonke zophondo lwendlovu, nezitsha zonke zokhuni oluyigugu; neyethusi, nensimbi, netshe letsheba;


Amasango ayishumi nambili ayengamaparele ayishumi nambili; isango ngalinye lalingeleparele linye, nesitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo njengengilazi ekhanyayo.