Kodwa amadodana kaBheliyali wonke azakuba njengameva aqhutshelwa khatshana, ngoba awanakubanjwa ngezandla.
Mathewu 13:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo, nabenza okubi; IBHAYIBHELI ELINGCWELE INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, IsiZulu 2020 INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, Baasraak Zulu New Testament Bible INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo, nabenza okubi; |
Kodwa amadodana kaBheliyali wonke azakuba njengameva aqhutshelwa khatshana, ngoba awanakubanjwa ngezandla.
Ngiyakuqeda abantu nezilwane; ngiyakuqeda izinyoni zezulu, nezinhlanzi zolwandle, nezikhubekiso zababi; futhi ngiyonquma umuntu ezweni,” kusho uJehova.
Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe: ziyakuphuma izingelosi, zihlukanise ababi kwabalungileyo;
Maye kuwo umhlaba ngenxa yezikhubekiso! ngokuba kufanele ukuba kufike izikhubekiso; kodwa maye kulowomuntu esiza ngaye isikhubekiso!
Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye.
olwelo lwakhe lusesandleni sakhe, aze ahlanze isibuya sakhe, abuthele ukolweni wakhe enqolobaneni; kepha amakhoba uyakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.
Khona-ke iyakuthuma izingelosi zayo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.
Ngosuku uNkulunkulu azakwahlulela ngalo izimfihlo zabantu ngoJesu Khristu ngokwevangeli lami.
Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?
Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.