Kabazanga futhi kabaqedisisa, ngoba wayevale amehlo abo ukuze bangaboni; nezinhliziyo zabo, ukuze bangakwazi ukuqonda.
Mathewu 13:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba bebona ababoni; nokuzwa kabezwa, kabaqondi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi. IsiZulu 2020 Yingakho-ke ngikhuluma kubo ngemizekeliso, ukuze bathi bebona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa, kepha bangezwisisi futhi bangaqondi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba bebona ababoni; nokuzwa kabezwa, kabaqondi. |
Kabazanga futhi kabaqedisisa, ngoba wayevale amehlo abo ukuze bangaboni; nezinhliziyo zabo, ukuze bangakwazi ukuqonda.
Yizwani lokhu manje nina bantu abayiziwula eningenakuqonda; abanamehlo kodwa ababoni; abanezindlebe, bangezwa;
Ndodana yomuntu, uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo enamehlo okubona, engaboni; banezindlebe zokuzwa, abezwa, ngokuba bayindlu edlubulundayo.
njengokulotshiweyo ukuthi: UNkulunkulu ubaphile umoya wobuthongo, amehlo ukuze bangaboni, lezindlebe ukuze bangezwa, kuze kube lamuhla.