Ngase ngiphikisana nezikhulu zakwaJuda, ngathi kubo: “Kuyini lokhu okubi enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?
Mathewu 12:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Noma anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na? IsiZulu 2020 Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abaphristi bayona ethempelini, kodwa bangabekwa cala na? Baasraak Zulu New Testament Bible Noma anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala na? |
Ngase ngiphikisana nezikhulu zakwaJuda, ngathi kubo: “Kuyini lokhu okubi enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?
Tshono kuyo indlu kaIsrayeli uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; “Bheka, ngiyayingcolisa indlu yami engcwele, ubuhle bamandla akho, isifiso samehlo akho nalokho umphefumulo wakho okuhawukelayo; amadodana enu namadodakazi enu aseleyo kini ayakuwa ngenkemba.
Isabatha ngalinye uyakukuhlela phambi kukaJehova njalo, kususwe kubantwana bakwa-Israyeli ngesivumelwano esiphakade.
Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa, okwakungavunyelwe yena ukuthi azidle, nalabo ababenaye, kubapristi bodwa?