Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.
Mathewu 12:46 - Contemporary Zulu Bible 2024 Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye. IsiZulu 2020 Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. Baasraak Zulu New Testament Bible Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye. |
Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.
Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.
Lo akasiyo yini indodana yombazi na? Unina akabizwa ngokuthi uMariya na? nabafowabo oJakobe, noJose, noSimoni, noJuda?
Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye; igolide, nenhlaka, nomure.
Ethi: “Vuka, uthabathe umntwana nonina, uye ezweni lakwa-Israyeli, ngokuba bafile ababefuna ukuphila komntwana;
Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka.
Lo akasiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni? Nodadewabo abakho yini lapha kithi na? Base bekhubeka kuye.
USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa;
Sebembonile bamangala; unina wathi kuye: Mntwana, usenzeleni okunje? bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.
Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela, kepha unina wawagcina onke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.
Wathi: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha kwabanye ngemifanekiso; ukuze bebona bangaboni, lokuzwa bangaqedisisi.
Kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina, nodadewabo kanina, noMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.
Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho.
Emva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe; bahlala khona izinsuku ezingeziningi.
Kepha abafowabo sebenyukile, naye wenyuka waya emkhosini, kungesobala kodwa kungathi ngasese.
Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi oyenzayo.
Labo bonke baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni nasekunxuseni, kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.
Asinagunya lokuhamba nodadewenu, umkakho, nabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase?