Wonke umhlaba wamfuna uSolomoni ukuze uzwe ukuhlakanipha kwakhe uNkulunkulu ayekunikile enhliziyweni yakhe.
Mathewu 12:42 - Contemporary Zulu Bible 2024 Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. IsiZulu 2020 Indlovukazi yaseningizimu nayo iyakuma nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, isilahle ngecala. Ngokuba yasuka emikhawulweni yomhlaba izolalela ukuhlakanipha kukaSolomoni. Lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni. Baasraak Zulu New Testament Bible Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni. |
Wonke umhlaba wamfuna uSolomoni ukuze uzwe ukuhlakanipha kwakhe uNkulunkulu ayekunikile enhliziyweni yakhe.
Bheka, ngenze njengokwamazwi akho; bheka, ngikunike inhliziyo ehlakaniphileyo neqondayo; ukuze kakho onjengawe ngaphambi kwakho, langemva kwakho kakuyikuvela onjengawe.
Wonke u-Israyeli wezwa isahlulelo inkosi; besaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu bekukuyo ukwenza ukwahlulela.
Khona-ke unike inceku yakho inhliziyo eqondayo ukwahlulela abantu bakho, ukuze ngahlukanise phakathi kokuhle nokubi; ngoba ngubani ongahlulela lesi sizwe sakho esikhulu?
UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okuningi, nobubanzi benhliziyo, njengesihlabathi esisogwini lolwandle.
Kwasekufika bevela ebantwini bonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela kuwo wonke amakhosi omhlaba ayezwile ngokuhlakanipha kwakhe.
UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokumthembisa kwakhe, kwaba khona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili.
Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.
Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.
Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.
Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
Futhi awuphesheya kolwandle ukuba nithi: ‘Ngubani oyakusiwela ulwandle asilethele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’