Kumholi wokuhlabelela ngoMahalati, iMaskili, iHubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bonakele, futhi benze ububi obunengekayo; akakho owenza okuhle.
Mathewu 12:34 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. IsiZulu 2020 Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni. Baasraak Zulu New Testament Bible Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. |
Kumholi wokuhlabelela ngoMahalati, iMaskili, iHubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bonakele, futhi benze ububi obunengekayo; akakho owenza okuhle.
abalola ulimi lwabo njengenkemba, bansala imicibisholo yabo, yebo, amazwi ababayo;
Inhliziyo yohlakaniphileyo ifundisa umlomo wakhe, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.
Qapha inhliziyo yakho ngakho konke ukukhuthala; ngoba kuyo kuvela imithombo yokuphila.
Ngokuba umuntu oyisiwula uyakukhuluma okubi, nenhliziyo yakhe yenza okubi, ukuze yenze ubuzenzisi, ikhulume okubi ngoJehova, ithulule umphefumulo wolambileyo, iqede ukuphuza kowomileyo.
Futhi umthetho uhlehlile, nobulungisa bumi kude, ngokuba iqiniso liwile ezitaladini, nokulunga akunakungena.
Akekho ocela ubulungisa futhi akekho omela iqiniso; bathembela ezeni, bakhuluma amanga; bakhulelwa okubi, bazale ububi.
Ngakho iNkosi ayiyikuthokoza ngezinsizwa zabo, ingabahawukeli bona nabafelokazi, ngokuba bonke bangabazenzisi nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.
Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo ukhipha okuhle, nomuntu omubi emfuyweni embi ukhipha okubi.
Kodwa kwathi ebona abanengi babaFarisi labaSadusi besiza ekubhabhathizeni kwakhe, wathi kubo: Nzalo yezinyoka, ngubani olixwayisile ukubalekela ulaka oluzayo?
Khona wathi ezixukwini ezaziphumela ukubhapathizwa nguye: “Nzalo yezinyoka, ubani onibonise ukubalekela ulaka oluzayo na?
Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo yakhe uveza okuhle; nomuntu omubi emfuyweni embi yenhliziyo yakhe ukhipha okubi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.
Makungaphumi nkulumo eyonakele emlonyeni wenu, kodwa kube kuhle kube kuhle kube nokwakhayo, ukuze kube umusa kwabezwayo.
namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga.
Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu.
Ngalokhu babonakaliswa abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane: yilowo nalowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.
Njengoba isaga sabadala sisithi: Komubi kuvela ububi, kodwa isandla sami kasiyikumelana lawe.