Nxa yilowo nalowo olizwa izwi lombuso, engaliqondi, omubi uyeza, ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Nguye owahlanyelwa ngasendleleni.
Mathewu 12:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma uSathane ekhipha uSathane, uhlukene yedwa; pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? IsiZulu 2020 Uma uSathane ekhipha uSathane, kusho ukuthi wehlukene yedwa. Pho umbuso wakhe uyakuma kanjani na? Baasraak Zulu New Testament Bible Uma uSathane ekhipha uSathane, uhlukene yedwa; pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? |
Nxa yilowo nalowo olizwa izwi lombuso, engaliqondi, omubi uyeza, ahlwithe okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Nguye owahlanyelwa ngasendleleni.
Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.
Angisasayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi walumhlaba, kepha akanalutho kimi.
okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
owasikhulula emandleni obumnyama, wasesisa embusweni weNdodana yakhe ethandekayo;
Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.
Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso wakhe waba mnyama; baluma ulimi lwabo ngenxa yobuhlungu.
Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni.