Mathewu 11:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi ubusisiwe ongayikukhubeka ngami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.” IsiZulu 2020 Ubusisiwe ongayukukhubeka ngenxa yami.” Baasraak Zulu New Testament Bible Futhi ubusisiwe ongayikukhubeka ngami. |
Kodwa kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana; kuthi sekuvele usizi nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.
Maye kuwo umhlaba ngenxa yezikhubekiso! ngokuba kufanele ukuba kufike izikhubekiso; kodwa maye kulowomuntu esiza ngaye isikhubekiso!
Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke.
Lo akasiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni? Nodadewabo abakho yini lapha kithi na? Base bekhubeka kuye.
USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa;
Kusukela ngaleso sikhathi abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.
Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye;
Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisashushiselwani na? khona-ke icala lesiphambano liphelile.
netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi.