Ngalalela ngezwa, kodwa abazange bakhulume kahle; akakho owaphenduka ebubini bakhe wathi: Ngenzeni na? yilowo nalowo waphendukela endleleni yakhe, njengoba ihhashi lingena emncintiswaneni.
Mathewu 11:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona waqala ukusola imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayeseqala ukujezisa imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga, wathi: IsiZulu 2020 Wayeseqala ukuyisola imizi okwakwenziwe kuyo imisebenzi yakhe yamandla eminingi, ngokuba ingaphendukanga, wathi: Baasraak Zulu New Testament Bible Khona waqala ukusola imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga; |
Ngalalela ngezwa, kodwa abazange bakhulume kahle; akakho owaphenduka ebubini bakhe wathi: Ngenzeni na? yilowo nalowo waphendukela endleleni yakhe, njengoba ihhashi lingena emncintiswaneni.
Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.
Emva kwalokho wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nobulukhuni benhliziyo, ngokuba bengakholwanga yilabo ababembonile esevusiwe.
Wasephendula wathi kuye: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani? koze kube nini nginibekezelela? mletheni kimi.
Ngokuba uletha ezindlebeni zethu izinto ezingaziwayo; ngakho-ke sifuna ukwazi ukuthi lezi zinto ziyini.
Futhi nxa ngifika futhi, uNkulunkulu wami angithobise phakathi kwenu, ngilile abaningi asebevele bonile, abangaphendukanga ekungcoleni, nasebufebeni, nasebubini ababenzayo.
Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.
Bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nezilonda zabo, futhi abaphendukanga emisebenzini yabo.
Abantu bashiswa ukushisa okukhulu, bahlambalaza igama likaNkulunkulu onegunya phezu kwalezi zinhlupho, kepha abaphendukanga ukuba bamkhazimulise.