Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
Mathewu 11:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’ IsiZulu 2020 ‘Sinishayele imitshingo, kodwa anisinanga; sahlabelela ingoma yesililo, kodwa anililanga.’ Baasraak Zulu New Testament Bible ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’ |
Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
Bonke abantu bakhuphuka bamlandela, abantu babetha imitshingo, bajabula ngokujabula okukhulu, kwaze kwadabuka umhlaba ngokukhala kwabo.
Niyakuba nengoma njengasebusuku bomkhosi ongcwele; nokujabula kwenhliziyo, njengalapho umuntu ehamba ephethe umtshingo ukuya entabeni kaJehova, koMninimandla ka-Israyeli.
Ngiyakubuye ngikwakhe, wakhiwe wena ntombi yakwa-Israyeli; uzophinde uhlotshiswe ngamatende akho futhi uphume ngengoma yenjabulo.
Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na? Kufana nabantwana abahlezi ezigcawini, bebiza omakhelwane babo;
UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangalila yini, umyeni enabo na? kodwa ziyakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo, khona-ke bezakuzila.
Indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi isiza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina.
Bafana nabantwana abahlezi esigcawini, bememezana bethi: “Sinishayele imitshingo, kepha anisinanga; sililile kini, kodwa anikhalanga.