Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.
Mathewu 10:35 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba ngize ukuphambanisa umuntu loyise, lendodakazi lonina, lomalokazana loninazala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise, nendodakazi nonina, nomalokazana noninazala. IsiZulu 2020 Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise, indodakazi nonina, umalokazana noninazala. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba ngize ukuphambanisa umuntu loyise, lendodakazi lonina, lomalokazana loninazala. |
Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.
Kepha umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise indodana; labantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.
Uyise uyakwehlukana nendodana, nendodana noyise; unina nendodakazi, nendodakazi nonina; uninazala amelane lomalokazana wakhe, lomalokazana amelane loninazala.
Niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubabulala.