Mathewu 10:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini. IsiZulu 2020 Ngokuba akuyinina eniyakukhuluma, kodwa uMoya kaYihlo, nguye oyakukhuluma kini. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini. |
Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke.
Ngoba uDavida uqobo lwakhe ngoMoya oNgcwele wathi: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho.
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele na?
Ngokuba ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha, abangayikuphika noma ukumelana nabo bonke abamelene nani.
Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
Kwathi bengavumelananga phakathi kwabo, basuka uPawuli esekhulume ilizwi linye lokuthi: Ukhulume kuhle uMoya oNgcwele ngoIsaya umprofethi kokhokho bethu.
UPetro egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: Lina babusi babantu labadala bakoIsrayeli.
njengokuba nifuna ubufakazi bokuthi uKristu okhuluma kimi, ongebuthakathaka kini, kodwa unamandla kini.
Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo.
Akwambulwa kubo ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa bakhonza thina ngalezo zinto esezishunyayelwa kini ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe ezulwini; okuyizinto izingilosi ezifisa ukuzibona.
Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.