Mathewu 10:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe. IsiZulu 2020 Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe. Baasraak Zulu New Testament Bible Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe. |
Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo;
Kepha nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma.
UJesu wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu; kepha hamba, uziveze kumpristi, unikele umnikelo uMose ayala ngawo, kube ngubufakazi kubo.
Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.
Ngakho ungabi namahloni ngobufakazi beNkosi yethu, nangami isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela osizini lwevangeli ngokwamandla kaNkulunkulu;
Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.
Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.
Lapho livula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.