Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nezindlu zenu, ngokuba lokhu kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana.
Mathewu 10:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 nasikhwama sohambo, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. IsiZulu 2020 Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso. Baasraak Zulu New Testament Bible nasikhwama sohambo, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. |
Niyakukudlela ezindaweni zonke, nina nezindlu zenu, ngokuba lokhu kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana.
“Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, funani ofaneleyo kuwo; nihlale khona nize nimuke.
Wabalaya ukuthi bangaphathi lutho lwendlela, ngaphandle kodondolo lodwa; nasikhwama, nasinkwa, namali emixhakeni yabo;
Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akabele ongenalutho; nalowo odlayo makenze ngokunjalo.
Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali; futhi ningabi namabhantshi amabili.
Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu, ekufikeni kwakho, ulethe kanye nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.
Waphatha udondolo lwakhe esandleni sakhe, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni esikhwameni somalusi ayenaso; indwayimane yakhe yayisesandleni sakhe, wasondela kumFilisti.
USawuli wasesithi encekwini yakhe: Kodwa khangela, uba sihamba, sizalethani kulowomuntu? ngoba isinkwa sezitsheni zethu sesiphelile, njalo kakukho sipho esingasiletha kumuntu kaNkulunkulu yini esinayo.