Mathewu 1:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Aramu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaason; uNahasoni wazala uSalimoni; IBHAYIBHELI ELINGCWELE u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni; IsiZulu 2020 u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni; Baasraak Zulu New Testament Bible U-Aramu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaason; uNahasoni wazala uSalimoni; |
Kuqala kwasuka ibhanela lekamu labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; phezu kwebutho lakhe kwakunguNashoni indodana ka-Aminadaba.
Ngasohlangothini lwasempumalanga, ngasekuphumeni kwelanga, bayakumisa ibhanela lekamu lakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba uyakuba ngumbusi phezu kwabantwana bakwaJuda.
Owanikela ngomhlatshelo wakhe ngosuku lokuqala kwakunguNahesoni indodana ka-Aminadaba wesizwe sakwaJuda.
Okomnikelo wokubonga nakhu: izinkomo ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezinqama eziyisihlanu, nezimvu zamaduna ezineminyaka emihlanu ubudala; lokho kwakungumnikelo kaNahesoni indodana ka-Aminadaba.
UJuda wazala uFaresi noZara kuTamari; uFaresi wazala u-Esrom; u-Esrom wazala u-Aramu;
uSalimoni wazala uBhowazi ngoRahabi; uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; u-Obede wazala uJese;
owayeyindodana kaJese, indodana ka-Obede, indodana kaBhowazi, indodana kaSalimoni, indodana kaNashoni,