Ngakho uMikhali indodakazi kaSawule wayengenamntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.
Mathewu 1:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Akamazi waze wazala izibulo lakhe; waqamba igama layo ngokuthi uJesu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE akaze aya kuye, waze wazibula ngendodana; wayiqamba igama lokuthi uJesu. IsiZulu 2020 akazange alale naye, waze wazala indodana; wayiqamba igama wathi nguJesu. Baasraak Zulu New Testament Bible Akamazi waze wazala izibulo lakhe; waqamba igama layo ngokuthi uJesu. |
Ngakho uMikhali indodakazi kaSawule wayengenamntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.
Intombazane yayiyinhle kakhulu, yayinakekela inkosi, yayikhonza, kepha inkosi yayingayazi.
Ngingcwelisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo sikanina phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abantu nezinkomo; ngeyami.
Ungalibali ukunikela ngolibo lwesithelo sakho esivuthiweyo nokwaphuzo lwakho; izibulo lamadodana akho uyakunginika Mina.
Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.
UJosefa esevukile ebuthongweni wenza njengalokho imyalile ingelosi yeNkosi, wamthathela umkakhe;
Kwathi seziphelile izinsuku eziyisificaminwembili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, eliqanjwe ingelosi ngaphambi kokuba akhulelwe.
Wazala izibulo lakhe, wayisonga ngezindwangu, walilalisa emkhombeni; ngoba kwakungelandawo yabo endlini yezihambi.
Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili bafane nomfanekiso weNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi.