Nakuyo yonke imisebenzi ayiqala enkonzweni yendlu kaNkulunkulu, nomthetho, nemiyalo yokufuna uNkulunkulu wakhe, wayenza ngenhliziyo yakhe yonke, waphumelela.
KwabaseKolose 3:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, hhayi abantu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, IsiZulu 2020 Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi nikwenzela iNkosi, hhayi abantu, Baasraak Zulu New Testament Bible Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, hhayi abantu; |
Nakuyo yonke imisebenzi ayiqala enkonzweni yendlu kaNkulunkulu, nomthetho, nemiyalo yokufuna uNkulunkulu wakhe, wayenza ngenhliziyo yakhe yonke, waphumelela.
Ihubo likaDavide. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.
IKHANDA. Ngakhala ngenhliziyo yami yonke; ngilalele, Jehova, ngiyakugcina izimiso zakho.
Ngiqondise, ngigcine umthetho wakho; yebo, ngizoyigcina ngenhliziyo yami yonke.
Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho; ngoba akukho msebenzi, nacebo, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Kodwa ngenxa yakho konke lokhu udadewabo okhohlisayo uJuda akabuyelanga kimi ngenhliziyo yakhe yonke, kodwa ngenkohliso, usho uJehova.
Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
Ohlonipha usuku ulugcina eNkosini; futhi lowo ongalunanzi usuku, eNkosini. Odlayo udla eNkosini, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo akadli ngenxa yeNkosi, futhi ubonga uNkulunkulu.
Ngokuba noma siphila, siphilela iNkosi; noma sifa, sifela iNkosi; ngakho-ke noma siphila, noma sifa, singabeNkosi.
Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.
Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;
Zithobeni kuzo zonke izimiso zabantu ngenxa yeNkosi: noma kusenkosini, njengophakeme;
Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu, ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula;