Uyakuba njengesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi saso; neqabunga lawo aliyikubuna; futhi konke akwenzayo kuyophumelela.
KwabaseKolose 2:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nigxilile nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga. IsiZulu 2020 nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga. Baasraak Zulu New Testament Bible Nigxilile nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga. |
Uyakuba njengesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi saso; neqabunga lawo aliyikubuna; futhi konke akwenzayo kuyophumelela.
ukumisa abalilayo eZiyoni, ukubanika umhlobiso esikhundleni somlotha, amafutha entokozo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odabukileyo; ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga, okutshalwe nguJehova, ukuze adunyiswe.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, onabe izimpande zawo ngasemfuleni, angaboni lapho kufika ukushisa, kepha amaqabunga awo ayakuba luhlaza; futhi ayiyikuyeka ngonyaka wesomiso, futhi ayiyikuyeka ukuthela.
Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni;
ozaliqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi-nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
ukuze uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa; ukuze nina, nigxilile, nisekelwe othandweni;
nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu;
Uma nihlala ekukholweni nisekelwe niqinile, ningasuswa ethembeni levangeli enalizwa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu; mina Pawulu ngenziwa isikhonzi sakho;
Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.
Kukho konke bongani, ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
Ngakho masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.
Ningahujwa yizimfundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo. Ngokuba kuhle ukuthi inhliziyo iqiniswe ngomusa; kungeyisikho ngokudla, abangazuzanga ngakho abahlezi kukho.
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.
Laba bangamabala emikhosini yenu yothando, lapho bedla nani, bezidlisa ngaphandle kokwesaba; bangamafu angenamanzi, apheshulwa ngumoya; izihlahla ezibunayo, ezingatheli, ezifile kabili, ezisitshulwe;
Kepha nina bathandekayo, zakheni ekukholweni kwenu okungcwelengcwele, nikhuleke ngoMoya oNgcwele;
Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu;