Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseKolose 1:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

njengalokhu lafunda kuEphafra inceku kanye lathi ethandekayo, oyisikhonzi esithembekileyo sikaKristu ngenxa yenu;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu;

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

njengalokhu nafunda ku-Ephafra othandekayo, oyinceku kanye nathi, isikhonzi esethembekileyo sikaKhristu ngenxa yenu;

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

njengalokhu lafunda kuEphafra inceku kanye lathi ethandekayo, oyisikhonzi esithembekileyo sikaKristu ngenxa yenu;

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseKolose 1:7
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Akunjalo ngenceku yami uMose, othembekile endlini yami yonke.


Inceku kanye nayo yawa phansi ezinyaweni zayo, yayincenga, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizokukhokhela konke.


Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?


Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo!


Ngalokho ngithumele kini uThimothewu, oyindodana yami ethandekayo nethembekile eNkosini, oyakunikhumbuza izindlela zami ezikuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.


Futhi kuyadingeka kubaphathi, ukuthi umuntu afunyanwe ethembekile.


Kepha maqondana nezintombi anginawo umyalo weNkosi, kepha mina ngikhipha umbono wami njengomuntu ohawukelwe yiNkosi ukuba athembeke.


Bayizikhonzi zikaKristu na? (Ngikhuluma njengesiwula) mina kakhulu; ekukhandlekeni okuchichima kakhulu, ngemivimbo engaphezu kwesilinganiso, ematilongweni kaningi, nasekufeni kaningi.


nizithoba omunye komunye ngokwesaba uNkulunkulu.


Nokho ngibone kudingekile ukuba ngithume kini u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi kanye nesosha kanye nami, nesithunywa senu nesisebenzi ekusweleni kwami.


Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niphelele entandweni yonke kaNkulunkulu.


Konke okumayelana lami uzalitshela uTikhiku, ongumzalwane othandekayo lesikhonzi esithembekileyo lenceku kanye lami eNkosini;


kanye no-Onesimu, umzalwane othembekileyo nothandekayo, ongowakini. Bayakunazisa konke okwenziwa lapha.


Uma ukhumbuza abazalwane ngalezi zinto, uyakuba yisikhonzi esihle sikaJesu Kristu, esondliwe ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osigcinile.


Lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abanengi, lokho kubeke ebantwini abathembekileyo abazakuba lamandla okufundisa labanye.


Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu;


Ngakho kwamfanela ukuthi afane labafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu olesihawu lothembekileyo ezintweni ezimayelana loNkulunkulu, ukuze enze inhlawulo yokuthula ngezono zabantu.


owayethembekile kowammisayo, njengoMozisi laye wayethembekile endlini yakhe yonke.