KwabaseKolose 1:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 kubo abangcwele nabazalwane abathembekileyo kuKristu abaseKolose: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kubo abaseKolose, abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu. IsiZulu 2020 kubo abangcwele baseKholose, nabazalwane abakholekileyo kuKhristu: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu. Baasraak Zulu New Testament Bible kubo abangcwele nabazalwane abathembekileyo kuKristu abaseKolose: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. |
UAnaniya wasephendula wathi: Nkosi, ngizwile ngabanengi balumuntu ukuthi kungakanani okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;
kubo bonke abaseRoma, abathandekayo bakaNkulunkulu, ababizelwe ukuba ngabangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababizelwe ukuba ngabangcwele, kanye nabo bonke ezindaweni zonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, eyabo neyethu;
Ngalokho ngithumele kini uThimothewu, oyindodana yami ethandekayo nethembekile eNkosini, oyakunikhumbuza izindlela zami ezikuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini yethu uJesu Kristu.
UPawulu, umphostoli kaJesu Kristu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwayo kuKristu Jesu:
Kodwa ukuze lani lazi okuqondene lami, lokuthi ngenza njani, uThikhiku, umzalwane othandekayo lesikhonzi esithembekileyo eNkosini, uzanazisa konke;
UPawulu noThimothewu, izinceku zikaJesu Kristu, kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni;
ngokokwazi ngaphambili kukaNkulunkulu uBaba ngokungcweliswa kukaMoya, kube ekulaleleni nasekufafazweni kwegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula.
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;